'Amakhosi akwaZulu ayeba nabantu abasondela kuwo ngaphezu kwezinceku, nangaphezu koNdlunkulu; izincelebane zawo. Umuntu onjalo wayebizwa ngokuthi iNsila yeNkosi. Nguye owaye yibhucunga uma igeza, nguye owayebheka abafana namantombazane ayelusa Indlunkulu noma ingaphakathi esigodlweni noma iyogeza; nabaphatha ukudla kweNkosi babeboniswa nguye. Utho olonakele phakathi koNdlunkulu, nguye owayeluhlola kuqala, neNkosi icwalwe nguye. Umfana owayeshuka igudu leNkosi, abheke ukudla kwayo wayeboniswa yiyo iNsila yeNkosi. Ngamazwi amafuphi iNsila yeNkosi yayiyinceku yezinceku eNkosini. Yayingabizwa njengabanye abantu uma ifunwa iNkosi, owayeyimemeza wayethi: “Nanguy’ ubani bo!” isabele ngokuthi, “Wen’ omnyama!” njengoba yayazi ukuthi ibizwa kanje uma ifunwa iNkosi. '


  • Shipping: